BUKA: Iveni libhodloze ucingo, laphonseka kwi-swimming pool

2017-07-10 10:59

San Diego – Umshayeli weveni yohlobo lweFord F150 Raptor ubhodloze ucingo lokubiya eSan Diego, eCalifornia, eMelika, maqede yayophonseka kwi-swimming pool engemuva esegcekeni elingemuva kwendlu.

Le ngozi yenzeke ngomhlaka-7 kuJulayi eConestoga Court, ngokombiko wabe-San Diego Fire-Rescue Department.

OLUNYE UDABA: BUKA: Owesilisa ezidubula ngephutha kuxatshanwa emgwaqeni

Leli veni le-Ford liphonseke kuleli damu lokubhukuda maqede lazika phansi emanzini lilele ngecala, kwavaleleka umshayeli wesifazane emanzini, ngokombiko weFox5

Umuntu obebukela ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, uGabriel Mejia, ugxumele ngokushesha kwi-swimming pool, waphihliza iwindi maqede wakhipha umshayeli ukuze engeke agwilize.

Abacimimlilo nabo bagcine befikile ukuzotakula lo mshayeli othole ukulimala ekhanda.

Zibonele izithombe kanye ne-video yalesi sigameko ngezansi: 

Isithombe: Fox5

Isithombe: Fox5

Isithombe: Fox5

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...