Buka: IPorsche ehamba ngesivinini ibulala umama nengane

2017-03-07 16:02

Athens - Idlule nemiphefumulo emine ingozi ebiphakathi kwemoto yohlobo lwe-Porsche eGreece, kubalwa owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala nengane yakhe eneminyaka emithathu ubudala.

Umshayeli we-Porsche, kubika ukuthi igama lakhe nguGeorge Vakakis, 24, oyindodana kasomabhizinisi futhi ongumnikazi wesitolo samathoyizi ezingane, ushayise imoto ebipake endaweni efanalekile .

Umshayeli oneminyaka engu-41 ubudala wemoto ebipakile ubesaye endlini encane, eshiye unkosikazi wakhe nengane emotweni.

OLUNYE UDABA:Kushone 9 wabantu kuphahlazeka indiza

Imoto kubikwa ukuthi ibihamba ngesivinini sika-200km/h emgwaqeni obumanzi, lokhu kungokusho komunye wabantu abebesendaweni yesigameko.

Kule video efakwe nguMisailidi Michalis enkundleni yezokuxhumana iYouTube, umshayeli wemoto ebipakile ubonakala egijima ephuma endlini encane kulandela ukuzwa umsindo wezimoto zombili ziqhuma. Ngeshwa, ube esema ebukela umndeni wakhe ushona kule ngozi kungekho angakwenza.

Isisulu sesine besigibele kwi-Porsche kanti besingakahlonzwa.

 - Ivideo:

- The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

     

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...