BUKA: Indoda ithatha i-selfie kunesivunguvungu somoya

2017-09-12 18:00

Florida - Isiphepho endaweni yaseFlorida e-United States sidlule nemiphefumulo eminingi yabantu, salimaza nenqwaba yabantu.

Njengoba iningi labantu belibalekela ezindaweni eziphephile, indoda ibonakale emvuleni "iphikisana nesivunguvungu somoya" ngoba izama ukuthatha isithombe.

Nakuba kunjalo, abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana basale bebambe ongezansi ngesikhathi kubonakala i-video yale ndoda yenza lo mhlola, isimo sezulu singesihle.

Lesi siphepho esinamandla sishiye okungenani izindlu ezingu-25% kuleli dolobha zicekeleke phansi.

Buka nansi i-video ngezansi:


 - Twitter:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...