BUKA: Indoda ethathe amaphilisi omvusankunzi idala isiphithiphithi e-airport

2018-01-28 15:37

Phuket - Isivakashi saseMelika sibathwalise kanzima onogada basePhuket International Airport kulesi sigameko esingajwayelekile esaqoshwa ngekhamera.

Kule video efakwe yiThe Phuket News kwi-internet, kubonakala uSteve Cho, 27, egijima egcwala isikhumulo sezindiza eshaya ngesudi yesele, onogada bemlandela ngemuva bezama ukumbamba.

Umbiko weSky News uveze ukuthi uCho waphinde wasaphaza indle wephula nempahla edayiswa ezitolo ngesikhathi kuqhubeka lesi sigameko.

Kwathi lapho onogada bekwazi khona ukumehlisa umoya, wabatshela ukuthi uthathe amaphilisi eqile omvusankunzi "kwase kucima izibani". UCho wathembisa ngokukhokhela wonke umonakalo awenza, wabe eseyaxolisa.

Lesi sigameko senzeka ngomhlaka-4 Januwari nonyaka.

Buka nansi i-video ngezansi:

- Traveller24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...