BUKA: Imigwaqo ibibomvu tebhu emcimbini wokushayana ngotamatisi

2017-08-30 19:30

Spain — Balinganiselwa ku-20 000 abantu ababambe iqhaza emcimbini waminyaka yonke owaziwa nge-Tomatina, eSpain.

Kulo mcimbi kusuke kuhlanganyele izinkulungane zabantu emgwaqeni beshayana ngotamatisi.

Kulo nyaka kuqiniswe kakhulu ezokuphepha kulo mcimbi njengoba sekube nezigameko eziningi zokuhlaselwa kwabantu ngezimoto eBarcelona namaphethelo kule nyanga.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Ugalaza webhodwe ligovuzwa yinqwaba yamadoda

Kufike amaloli adiliza amathani alinganiselwa ku-160 katamitisi kwizinkulungwane zabantu ebebesemigwaqeni belinde ukushayana ngalesi sitshalo ngoLwesithathu.

Abantu ababamba iqhaza kulo mcimbi, okubalwa kubo nezivakashi, banikezwe izibuko zokuvikela amehlo.

Abahleli balo mcimbi bazamile ukuhlanza umgwaqo ngemuva kwamahora ambalwa uphelile umcimbi.

BUKA OKWENZEKILE:

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...