BUKA: Iloli lizithele phansi izinsimbi eziphakame zezimpawu zomgwaqo

2017-08-25 12:30

Houston – Sekuvele i-video ekhombisa iloli lithela othulini izinsimbi eziphakeme zezimpawu zomgwaqo, zahlephuka zagcwala umgwaqo onguthelawayeka.

Ingxenye engemuva yeloli elayisha umthwalo iyabonakala iphakakama isikhathi esifushane ngaphambi kokuba leli loli lishayise.

OLUNYE UDABA:BUKA: Unyanyavu lwe-BMW lusha ubuhanguhangu ku-N2

Kubukeka sengathi umshayeli waleli loli ubengazi ukuthi lesi siqukathi esikhulu esilayisha umthwalo sesiphakeme nalapho evele waqhubeka walishaya lazula iloli libheke kulezi zinsimbi.

I-ABC13 ibike ukuthi iziphathimandla ziye zavala umgwaqo ukuze zisuse izingcucu zalezi zinsimbi emgwaqeni.

Iziphathimandla zithi abanye abashayeli bazamile ukuxwayisa umshayeli ngaphambi kokuba leli loli lishayise izimpawu zomgwaqo.

Zibonele i-video yalesi sigameko ngezansi: 

- Wheels24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...