BUKA: Ibhasi elinabagibeli lihlukana phakathi

2017-07-12 16:00

Brazil – Kwenzeke inqaba ibhasi ebelithutha abagibeli lihlukana phakathi linabagibeli phakathi eBrazil.

Lesi sigameko esingajwayelekile siqoshwe ngomunye wabagibeli ngoLwesihlanu (ngomhlaka-7 kuJulayi) ePalhoca, eFlorianopolis.

OLUNYE UDABA: BUKA: Owesilisa ushayiswe yibhasi, wavuka wangena ejoyintini

Ngokombiko weLiveLeak.com, akekho umuntu olimele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Ingaphambili lebhasi liqhubekile nokuhamba, kwathi ingxenye engemuva yona yasala kanjalo.

I-video ibonisa ukuthi leli bhasi belingagcwele engxenyeni engaphambili kanti futhi abekho abagibeli abebehleli maqonda nalapho lihlukane khona phakathi.

Zibonele ezinye zezithombe zaleli bhasi elihlephukile lapha.

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...