Bazonikezwa isikhathi 'sokuhluza umqondo' abacabanga ukudivosa

2017-11-12 13:04

Beijing - Izithandani ezingaboni ngasolinye kwesinye isifunda eChina zizonikezwa isikhathi "sokwehlisa ulaka zipholise namakhanda" izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthatha isinqumo sokwehlukanisa.

Izikhulu zenkantolo zithi abashadikazi bathatha izinqumo besadiniwe engabe basebenzisa leso sikhathi ukuxazulula lokho abasuke bengaboni ngasolinye kukho.

Yikho izikhulu sezinqume ukuthi kubalulekile ukuthi izithandani zithathe isikhathi zicabange ngesinqumo sokudivosa. Abantu abafuna ukudivosa esifundazweni iShandong kumele "bahluze ingqondo" babe sesimeni esikahle sokuthi baqhubeke nokufaka isicelo sokugqabula ifindo likasofasilahlane, kusho umbiko weXinhua State News Agency.

Yilabo "abanesizathu esizwakalayo" kuphela abangaphikisana nalo mthetho omusha.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ukudivosa unkosikazi 'oyimanzi'

Yize emaningi amathuba okuthi izithandani zaseChina zihlale emshadweni uma kuqhathaniswa nezaseMelika, izibalo zokudivosa zibonakala zenyuka kule minyaka eyedlule eChina.

Ngokusho kukahulumeni waseChina, isibalo sezithandani ezahlukanisa ngo-2016 - ezingu-4.2 million - senyuke ngo-8.3% uma siqhathaniswa nonyaka ka-2015.

Lo mkhuba uyalikhathaza kakhulu iqembu elibusayo ezweni, elikholelwa ekutheni izwe elizinzile lakhiwa yisisekelo esiqinile somndeni.

Isikhulu sePeople's Court of Shizhong District, uMen Hongke, utshele iXinhua ukuthi lesi sinyathelo sakamuva sithathwe ngenxa yokuthi "isikhathi esiningi amajaji athola ukuthi izithandani eziningi ezifaka isehlukaniso kusuke kungesikho ukuthi izinkinga ababhekene nazo ngeke zisalungiseka".

Izithandani eziningi zifuna isehlukaniso zingasicabangisisanga isinqumo noma zisuke zifakwe umoya ngabazali, kusho uMen.

Uthi lokhu kwenza kube nzima ukubona ukuthi umshado usengalungiseka noma cha, yingakho beze nalo mthetho omusha.


- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...