Bangu-48 abangeniswe esibhedlela amadelakufa ehlasela abantu

2017-06-04 11:07

London - Bangu-48 abantu abangeniswe esibhedlela kulandela ukuhlaselwa amadelakufa enkabeni yezwe laseLondon.

Amadoda amathathu agwaze abantu bezihambela emgwaqeni ngemuva kokuthi babashayise ngeveni.

Kushone abantu abayisithupha kulesi sigameko ngaphambi kokuba kufike amaphoyisa adubule abulale laba basolwa.

OLUNYE UDABA:Kushone 119 kuhlasela amadelakufa kwinxanxathela lezitolo

Abe-London Ambulance Service bathe bangenise abantu abangu-48 ezibhedlela ezinhlanu benamanxeba ahlukahlukene.

“Lokhu kwenzeke ngoMgqibelo ebusuku ngaseLondon Bridge kanti abasolwa bebegqoke abavesti afana nawabantu abavame ukuziqhumisa ngamabhomu,” kusho uMark Rowley oyinhloko yophiko olulwa namadelakufa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...