Bafuna athole isigwebo sentambo owabulala abantu abansundu

2016-05-25 12:31

Charleston, South Carolina – Abashushisi bafuna uDylann Roof,22, athole isigwebo sentambo ngelokubulala abantu beseseontweni, kubika iReuters.

Lo mlisa wabulala abantu abangu-9 besesifundweni sebhayibheli i-Emanuel African Methodist Episcopal Church kwisigameko sokucwasana ngokwebala ngoNhlangulana wangonyaka  odlule.OLUNYE

UDABA:Abafundi baseThekwini banikwe izipho egqugquzela ukucwasana

Kuthiwa lo mlisa ubhekene namanye amacala abgu-33 ahlanganisa ukubhebhethekisa inzondo, ukuphazamisa ezenkolo kanye nawokuphatha izikhali.

Umngani wakhe oneminyaka engu-21 ubudala uJoseph Meek wavuma ukuthi wayenolwazi lokuthi umngani wakhe uhlele ukwenzani esho nokuthi wakuhlela lokhu ezinyangeni eziyisithupha kungenzeki ethi ufuna ukuqala impi.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...