Ayimnandi impilo endodeni enomphambili omkhulu

2017-12-24 13:47

eMelika - Ngokujwayelekile amadoda acabanga ukuthi unduku enkulu ingcono, kodwa ukuba nenkulu kakhulu kungase kube yisiqalekiso.

URoberto Esquivel Cabrera, 54, waseMexico wabangundaba mlonyeni ngo-2015 ngesikhathi ephumela obnala ngamasentemitha enduku yakhe angu-48. Ivideo yakhe ayekala kuyo induku yakhe yasabalala ezinkundleni zokuxhumana amanye amadoda ashaqeka amanye eyifisa.

Kodwa kuvele ukuthi induku kaCabrera iyinkinga yodwa. Ngokusho kwe-Express e-UK uCabrera njengamanje usebhaliswe njengomunye wabakhubazekile.

Lokhu kuza ngemuva kokuba ekhale ngokungaphili impilo efana neyabanye.

OLUNYE UDABA:Amathiphu ocansi 'lwenduku' enkulu

"Buka ifika kuphi, idlula amadolo," kusho uCabrera etshela abezindaba i-Independent.

"Angikwazi kwenza lutho; angikwazi ukusebenza, ngikhubazekile, ngakho iziphathimandla zathi mngikhubazekile zabe sezingeseka."

Kuthiwa uCabrera wahlaselwa wukugula kanti nenduku yakhe kufanele ilale esicamelweni sayo ukugwema ukuphathwa yiqolo.

UCabrera uphinde wadalula ukuthi akasakwezi ukwenza ucansi namuntu ngenxa yokuthi induku yakhe iwugqinsi, etshela iphephandana.

Uthi usezame kabili ukuzibandakanya ocansini, kodwa umuntu wesifazane wokuqala wasaba ebona usayizi benduku kanti esezama okwesibili wahluleka ngenxa yokuthi owesifazane wayezwela ubuhlungu.

Kodwa wanqaba ukuba ayohlinzwa ukuze ezokwehlisa usayizi wakhe ngethemba lokuthi ngelinye ilanga uyohlangana nowesifazane onosayizi okahle owanele.




 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...