'Asibuye isigwebo sentambo,' kusho uMengameli

2017-11-01 18:00

Harare - UMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, ngoLwesithathu uveze ukuthi uyahambisana nokubuyiswa kwesigwebo sentambo kulandela ukuthi savalwa kuleliya lizwe ngo-2005.

Lokhu uthi kungexa yokunyuka kwezibalo zabantu ababulawayo ezweni.

Umuntu wokugcina walengiswa ngo-2005 kuleliya lizwe. Yize ethi iKhabhinethi lakhe lihlukene phakathi ngalolu daba, uMugabe uthe yena uyahambisana kakhulu nokubuyiswa kwalesi sigwebo.

"Asibuyiswe isigwebo sentambo," esho, ekhuluma emngcwabeni kazakwabo kwezepolitiki.

Akazange aphumele obala asho ukuthi lokhu kungase kwenzeke nini, kepha wathi "uma nizwa ukuthi abantu bayalengiswa, nibokwazi ukuthi siphumelele isifiso sikaMugabe".

Umthetho waseZimbabwe uvumela ukuthi kulengiswe abantu abalahlwa yicala lokubulala besebenzisa indluzula.

OLUNYE UDABA: Amalungu e-ANCWL afuna kubuyiswe isigwebo sentambo

Nokho abesifazane kanye nabalahlwa ngamacala abangaphansi kweminyaka engu-17 ubudala kanjalo nalabo abangaphezu kwengu-70 ubudala, bayaxolelwa kulesi sigwebo.

Zingaphezu kuka-90 iziboshwa ezilinde ukulengiswa, ngokusho kwezibalo ezisemthethweni. Umsebenzi ka-hangman namanje awukathathwa muntu kusukela uhangman wokugcina athatha umhlalaphansi.

Nokho kuthiwa ngenyanga eyedlule ziningi izicelo ezingenile abantu befuna lo msebenzi, osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi kungekho ofuna ukuwenza.

IZimbabwe yakhiphela abantu abangu-8 izigwebo zentambo ngonyaka owedlule, ngokusho kwe-Amnesty International.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...