Amaphoyisa athungatha 'abahlasele' ibhasi leqembu lebhola

2017-04-12 11:00

Dortmund – Abaphenyi baseGermany bathungatha abasolwa abathinteka ekuqhumiseni amabhomu amathathu kuhlaselwa ibhasi leqembu lebhola iBorussia Dortmund, lapho kulimale khona umdlali oyedwa kanye nephoyisa.

Isigameko, esichazwe yisikhulu samaphoyisa aseDortmund njengebesiqondiswe eqenjini lebhola, sithuse abathandi bebhola eGermany ngaphambi komdlalo obalulekile weChampions League.

Uphenyo luzogxiliswa encwadini etholakale eduze nendawo yesigameko nokuthiwa inemininingwane ngesigameko, kusho uSandra Luecke ngoLwesibili ebusuku etshela izintatheli.

Iziphathimandla zaseGermany azifuni ukumatanisa lesi sigameko nezenzo zobushokobezi, zithi kusasekuseni kakhulu ukuba sekungaziwa imbangela yokuhlasela.

OLUNYE UDABA: Kulimale abantu-11 inqola iphuma kujantshi

Izwe iGermany like lahlaselwa ngonyaka odlule, kanti ngoKhisimusi kwashona abantu abangu-12 ngesikhathi iloli lishayisa abantu emakethe ematasa eBerlin.

Amabhomu aqhume ngemuva kwemizuzwana ibhasi labadlali lisuke ehhotela, lilibangise enkundleni yezemidlalo.

Umdlali waseSpain uMarc Bartra kudingeke ahlinzwe kulandela ukuphuka esihlakaleni ngemuva kokuba eshaywe okusabhodlela okusuke lapho kubenokuqhuma khona.  

Umdlalo weDortmund uhlehliselwe uLwesithathu ebusuku, kanti uzodlalwa ngaphambi kokuba iBayern Munich ibhekane neReal Madrid kuwona umqhudelwano weChampions League.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...