Amaphoyisa asize izelamani ebezidayiselwe izigebengu

2018-03-11 09:58

Johannesburg - Izelamani ezimbili ezabaleka ekhaya zisizwe ngamaphoyisa usisi wazo omdala esezidayisele izigebengu.

Ngokombiko weThe Mirror, izelamani ezimbili zamantombazane ezingadalulwanga amagama zaseRomanian bezihlala nodadewazo omdala kanye nomyeni wakhe.

Kodwa kunokuba azinakekele, udadewazo omdala wazidayisela izigebengu eSpain!

Ngaphambi kokuba azidayise, kuthiwa intombazane eyodwa eneminyaka engu-16 ubudala yadlwengulwa ngusbari wayo.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubambe inkunzi ibhange ngesibhamu sethoyizi

Intombazane eyodwa yadayiselwa eValladolid, enye yadayiselwa eZamora.

Kuthiwa intombazane iyodwa wayidayisa ngo-10 000 Euros (okuyimali elinganiselwa ku-R146 500).

Amantombazane atholakala ngemuva kokuba esinye isakhamuzi saseZamora sincinze indlebe amaphoyisa.

Kuboshwe 7 wabantu ngalesi sigameko.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...