Amaphoyisa adubule owesilisa obephethe ummese esiteshini sesitimela

2018-01-24 14:04

Brussels – Okhulumela abashushisi eBelgium uthi amaphoyisa edolobheni iGhent adubule owesilisa obehlome ngommese esangweni elingenela esiteshini sesitimela.

Okhulumela abashushisi baseGhent, u-An Schoonjans, uthi owesilisa ulimale kabi ngoLwesibili ebusuku kanti ulwela impilo yakhe esibhedlela.

Uthi kusazophenywa kabanzi ngemininingwane mayelana nesigameko.

OLUNYE UDABA: Obesezobeletha ushone engozini yemoto

Isiteshi sesitimela esimatasa kakhulu iGhent St Pieters kudingeke sivalwe ngemuva kwesigameko.

Ayikho imibiko okwamanje ekhomba ukuthi lesi sigameko sihlobene nezigameko zobushokobezi.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...