Amajaji athi ayicinywe imishini elekelela umfana,10, ukuba aphile

2017-06-29 14:02

London – Abazali bakaCharlie Gard basale behlukumezekile emoyeni futhi baphelelwa yithemba ngesikhathi amajaji ekhipha isinqumo sokuthi ayicishwe imishini ephilisa indodana yabo.

UChris Gard benoConnie Yates sebefike ekugcineni kohambo lwabo lokutholela indodana yabo usizo ngemuva kwesinqumo esikhishwe yinkantolo ngendodana yabo.

UCharlie, onesifo esingajwayelekile, usezoshonela esibhedlela iGreat Ormond Street, eLondon, uma odokotela becisha imishini okuyiyona emphilisayo.

Lokhu kulandela imizamo eminingi yabazali bakhe becela izinkantolo ukuthi zibavumele bahambise ingane yabo eMelika lapho kuzwakale khona ukuthi kunekhambi elingakahlolisiswa kahle kodwa okukholakala ukuthi lingayisiza indodana yabo.

OLUNYE UDABA:Owokukhuculula amabala ekuthiwa welapha i-HIV

Abazali balo mfana bebenesifiso sokulizama leli khambi yize odokotela bomfana bethi ngeke lisebenze futhi kungcono icishwe imishini.

Inkantolo elwela amalungelo abantu e-Europe ivune odokotela ngokuthi lo mfana akangahanjiswa eMelika ngoba alikho ithemba lokuthi uzosinda.

Lokhu kubashaqe kakhulu abazali kanye nezihlobo ebezinabo enkantolo ngesikhathi kukhishwa lesi sinqumo.

La bazali bese bethole imali engaphezi kuka-1 million woPondo baseBrithani nokuyiyona mali abebehlele ukuhambisa ngayo indodana yabo eMelika ukuyobona ingcweti enekhambi okuthiwa lingahle lisebenze, kubika iDaily Mail.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...