Amadoda aganwe abesimame abanonophele yiwona athokoze kakhulu – ucwaningo

2017-06-29 19:30

Argentina - Ngokocwaningo olusanda kwenziwa, kuthiwa amadoda athandana nabesimame abanonophele ahlezi emamatheka futhi athokoze kakhulu uma eqhathaniswa namadoda athandana nabesimame abancane ngomzimba.

Kuthiwa abesimame abancane ngomzimba bavame ukuthula futhi abaxhumani nabantu kalula kanti esikhathini esiningi abakwazi ukuveza indlela abazizwa ngayo.

Lokhu kuvezwe yiphephandaba lase-Argentina iNuevo Diario elishicilele umbiko oDkt Filemón Alvarado noDkt Edgardo Morales abasebenzela uphiko lwalahlaziyi bezengqondo e-UNAM.

OLUNYE UDABA:'Izintombi ezikhuluphele zishaya into ecokeme ekamelweni'

Lolu phiko locwaningo olusenyuvesi yaseMexico City luthi abesimame abanomzimba benza amadoda ajabule ngokwedlulele futhi yiyo le njabulo egcina amadoda abo ephila isikhathi eside.

Kuthiwa lolu hlobo lwabesimame luyakwazi ukucabangela izidingo zezithandwa zabo futhi bamnene kanti nothando bayakwazi ukuluveza, kubika iDaily Times.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...