Abazali 'bathumbe ingane yabo esibhedlela besaba ukuphucwa'

2017-04-13 16:00

London - Amaphoyisa ase-Australia athungatha abazali abasebancane abathumbe indodakazi yabo enezinsuku ezintathu izelwe.

Kukholakala ukuthi intombazane eneminyaka engu-15 ubudala ithumbe ingane yayo enezinsuku ezintathu izelwe esibhedlela esise-Australia ngosizo lwesoka layo elineminyaka engu-14 ubudala, elingubaba wengane.

La bazali kubikwa ukuthi bazitshele ukuthi bazophucwa ingane yabo yentombazane, u-Aria Jayde Tanya, base bethatha isinqumo sokuba bayikhiphe esibhedlela iNepean ePenrith, eSydney.

OLUNYE UDABA:Ukhihlize amagwebu olunywe yinyoka emunweni

Amaphoyisa athi uJenifer Morrison noJayden Lavenderaphume esibhedlela ngaphandle kwemvume, acela umama nengane babuyele esibhedlela beyoqhubeka nokunakekelwa esibhedlela.

Laba bobabili kusolwa ukuthi basizwe ngowesilisa osekhulile obonakale kumakhamera eCCTV ephuma nabo.

Amaphoyisa athi lezi zingane esezikhulile azikho obishini kuphela nje, kepha akhathazekile ngazo.

"Jenifer ninoJayden anikho enkingeni, singajabula uma ningase nibuyele esibhedlela niyohlolwa isimo sempilo. Odokotela basafuna ukuhlola ingane, babheke ukuthi iqhuba kanjani," kusho okhulumela amaphoyisa asePenrith uGrant Healey ngoLwesine.

 - Newswatch

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...