Abathandi bebhola bashokhwe ugesi bashona bebuke umdlalo

2017-04-21 12:30

Lagos – Kushone okungenani abathandi bebhola abayisikhombisa kwathi abangu-11 balimala ngesikhathi beshokhwa yikhebuli kagesi ewele ebhilidini abebebukele kulo umdlalo we-Europa League.

Amaphoyisa aseNigeria aphawule ngoLwesihlanu athi lesi sigameko senzeke edolobheni eliseningizimu yezwe, iCalabar, ngoLwesine.

Laba kuthiwa bebebukele umdlalo wama-quarter-final obuphakathi kweManchester United ne-Anderlecht obutshengiswa ohlelweni olukhokhelwayo lukamabonakude, kusho amaphoyisa.

"Sithole umbiko mayelana nalesi sigameko ngabo-22:00, sithe uma sifika endaweni yesigameko sathola izidumbu zabantu eziyisikhombisa abashone ngemuva kokushokhwa ugesi ngesikhathi kuwa ikhebuli,” kusho okhulumela amaphoyisa aseCross River, u-Irene Ugbo, etshela i-AFP.

OLUNYE UDABA: Bangu-17 abashone bezama ukungena ngenkani enkundleni yezemidlalo

"Abanye abalandeli bebhola abangu-11 abalimalile kulesi sehlakalo baphuthunyiswe esibhedlela, omunye wabo esesimeni esibucayi,” kusho u-Ugbo.

Imibiko yabezindaba kuleliya lizwe ibike ukuthi babalelwa ku-30 abantu okukholakala ukuthi bashonile kulesi sigameko.

U-Ugbo uthe abasoli sandla semfene kule nhlekelele.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoFebhuwari nonyaka kwashona abalandeli bebhola abangu-17 e-Angola ngemuva kwesibhudubhudu esadaleka kungenwa enkundleni yezemidlalo.

Amaphoyisa athi inqwaba yabalandeli bebhola babefuna ukungena ngenkani enkundleni eyabe igcwele iphuphuma.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...