Abasolwa badlwengule owesimame, bamshisa base bethatha izithombe

2018-02-23 11:04

London – Avelile amadoda amabili abhekene nelokudlwengula owesimame oodabuka kwelaseVietnam ongumnikazi wesaluni yezinzipho.

UStephen Unwin noJohn McFall kuthiwa bahlukumeze uQuyen Ngoc Nguyen bemudlwengula isikhathi esingangamahora amahlanu.

Le ntokazi eneminyaka engu-28 enezingane ezimbili ukuthiwa ibisaphila ngesikhathi abasolwa bemshisela emotweni.

Inkantolo izwe ukuthi laba basolwa bathumelana imilayezo esikhathini esingangamasonto amathathu ngaphambi kwalesi sigameko. Kuleyo milayezo uMcfall ubuze ukuthi, “sizomdlwengula na u..?”

OLUNYE UDABA:Zimkhalele ubaba obedlwengula amadodakazi, waze wazalisa enye yawo

UMshushisi uJamie Hill QC utshele inkantolo yaseNewcastle Crown ukuthi: "inhloso yalesi senzo ihlanganisa udlame oluhambisana nemicabango yezifiso zocansi kanye nenkanuko.”

U-Unwin, 40, noMcFall, 51, babemazi uNguyen ngoba bake basebenza ngezakhiwe ayeziqashile, futhi babemkhanukela.

Kuthiwa umufi wake wavakashela u-Unwin ekhaya lakhe.

Kodwa inkantolo izwe ukuthi lawa madoda asebenza njengabasizi basekhaya babonakala kumakhamera bephuma emzini kamufi naye umufi egoqwe ngeshidi elimhlophe.

Kuthiwa u-Unwin uyena owayemtshete ehlombe ngesikhathi uMcFall esondeza umoto abamfaka kuyo.

Kuthiwa wafakwe ngemuva emotweni yohlobo lwe-Audi A4 emnyama nokuyiyona abamshisela kuyo.

- Daily Mail

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...