Abantu abangaziwa bavulele ngenhlamvu emngcwabeni, kwashona ababili

2017-12-11 19:16

Kingston - Abantu ebebesemngcwabeni ngoMgqibelo babhekane nesimo esibi ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu, kwashona abantu ababili kwalimala abanye abaningi.

Ngokombiko we-The Jamaica Gleaner, izisulu bezihambele umngcwabo kaRomain Anthony White,30, eKingston, eJamaica.

Abantu abangaziwa ebebehlomile baqhamuke kungazelele muntu, abanye bebehamba ngezithuthuthu, bavulela ngenhlamvu bebhekise esixukkwini.

OLUNYE UDABA: Ligwetshiwe iphoyisa lomlungu eladubula labulala omnyama

Abanye bababantu ebebeze emngcwabeni bakwazile ukubamba esinye sezigebengu, basishaya kodwa sazizwa ukufika kwamaphoyisa, kusho umbiko.

URomain, obenza umsebenzi wokudayisa, wagwazwa wabulawa esikhathini esingangenyanga ngesikhathi elwa nomunye kubanjwa indawo yokupaka imoto.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...