AbakwaFord bazohlawulisa usaziwayo ngokudayisa imoto yabo eyingqayizivele

2017-12-05 08:02

Michigan - AbakwaFord bafuna ukuhlawulisa uJohn Cena ngokudayisa imoto yakhe yohlobo lweFord GT sports-car ngaphambi kwesikhathi futhi wenza nenzuzo ngalokho.

Lo saziwayo we-WWE wrestling odume futhi nangokuthenga izimoto ezikhethekile wathenga imoto yohlobo lwe-Ford GT ngoSepthemba ngo-$463 376 (R6.34-million), kodwa wayidayisa ngemuva kwalokho.

UJohn Cena wadayisa le moto yize asayina isivumelwano sokuthi uzohlala nayo iminyaka emibili.

Abakwa-Ford nokuyibona abakhiqizi bale moto badayisela abantu abakhethekile lesi silwane esigibela abantu ababili kanti uCena ubengomunye walabo bantu abakhethekile.

OLUNYE UDABA: BUKA: Bakwazile ukuyeba imoto, inkinga kube ukuyishayela

UCina onenye i-Ford GT yango-2006 wakhethwa ohlweni lwabangu-700 abafaka izicelo zokuthenga lemoto yohlobo olukhethekile njengoba kwaziwa ukuthi zingu-1000 kuphela ezenziwa.

“Lo saziwayo udayise lemoto engu-482kW kungakapheli ngisho nenyanga ayithengile nokusho ukuthi abakwa-Ford sebelahlekelwe wuyena njengonxusa labo leminyaka emibili futhi kwehlisa “nezinga” lale moto,” kusho abakwaFord.

Le nkampani ithi lo saziwayo wenze enkulu inzuzo ngokudayiswa kwale moto kanti manje bafuna abuyise yonke inzuzo ayenzile edayisa le moto kanye nenhlawulo ngaphezulu.

Eziphendulela, uCena uthe udayise lemoto ngoba enezindleko abefuna ukuzikhokhela, kubika iMotoring.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...