Abafundi bazobhikishela ukuphathwa kwezibhamu

2018-03-14 11:01

Atlanta - Izinkulungwane zabafundi eMelika yonke kulindeleke babeke phansi amapeni, baphume ezikoleni babhikishele udlame lwezibhamu.

Izinhlangano zithi balinganiselwa kwabangu-3 000 abafundi okulindeleke bangenele umbhikisho omkhulukazi wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu kulandela ukubulawa kwabafundi abangu-17 eMarjory Stoneman Douglas High School.

OLUNYE UDABA: Wathukuthela washaya umfowabo ngoba engakwazi zukuyobona isoka

Umbhikisho usuveze imizwa eyahlukene kubaphathi bezikole. Abanye babashayela ihlombe ngokusukumela lolu daba, abanye bathi ukungaziphathi kahle lokhu.

Abanye abafundi bathi abakhathazekile ngokungase kwenzeke, lolu daba lubalulekile ukuba bangathula.

UKara Litwin wasePope High School e-Atlanta, uthi ushintsho alukaze lwenzeke ngaphandle kokuthatha izinyathelo.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...