Zizokhokhiswa ezikahulumeni ezithatha isithembu

2014-10-16 07:47

Mataram – Umkhandlu wase-Indonesia usuphasise umthetho othi izisebenzi zikahulumeni kumele zikhokhe uma zifuna ukuthatha unkosikazi wesibili ngenhloso yokunciphisa isithembu kuleli lizwe.

Ngokombiko kuthiwa ukuphasiswa kwalo mthetho sekususe okukhulu ukukhuluma kwizinhlangano ezilwela amalungelo abantu njengoba ezinye izinhlangano ziwuchaza njengomsangano.

Kubikwa ukuthi okucasula kakhulu abesilisa abayizisebenzi zikahulumeni wukuthi kumele zithole incwadi ebhaliwe eqhamuka kubaphathi ebavumelayo ukuthi babe nesithembu. 

OLUNYE UDABA: Isithembu sikuncisha ithuba lenjabulo yomshado

Izwe lase-Indonasia yizwe eligcwele kakhulu abenkolo yamaSulumane kanti ngokomthetho wale nkolo owesilisa angaba namakhosikazi aze afinyelele ku-4.

Kubikwa ukuthi lo mthetho uphasiwe ekuqaleni kwale nyanga kulo mkhandlu. Kuleli lizwe kubikwa ukuthi kuvumelekile ukuthi ukuthatha omunye unkosikazi inqobo nje uma uzothola imvume komunye unkosikazi.

Ngokombiko lo mthetho wokukhokhiswa wenzeka ngaphansi koMkhandlu i-East Lombok.

Indaba yesithembu iseyinkinga emazweni ahlukene njengoba amanye amazwe angahambisani nomthetho wokuthatha unkosikazi ongaphezulu koyedwa.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...