Ziyaqhubeka izikhukhula eChina
2012-08-06 07:22
Beijing - Abatakuli bazama ukuhlenga abasebenzi ababalelwa ku-450 abavaleleke emhhumeni ohlaselwe yizikhukhula esifundazweni iLiaoning, eChina.
Lokhu kulandela ukuhlasela kwesishingishane iTyphoon Damrey, nesidalwe yizimvula ezinamandla, kwasala abantu abayisishiyagalolunye beshonile.
Laba basebenzi bavaleleke emathunjini omhlaba lapho bebakha khona ujantshi wesitimela eChaotao ngaseBenxi, kubika iChina National
Radio.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA