Zishone zonke izingane ebeziduke eChina

2012-10-05 12:01

Beijing - Zitholakele zonke izidumbu zezingane zisikole ezingu-18 ebezigqibeke phansi komhlaba ngesikhathi kuguguleka umhlaba eChina, kusho abaezindaba zezwe.

Ukubihlika komhlaba lokhu, kususwe yizimvula ezinkulu, kwamboza isikole nezindlu ezintathu esifundazweni iYunnan.

Kule ndawo kuke kwaba nokuzamazama komhlaba ngenyanga eyedlule, kwashona abantu abangu-81 kwalimala inqwaba.

Amathemba okuthola lezi zingane ziphila ashabalala ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi abatakuli bekhipha izidumbu zokugcina, kubika iChina National Radio.

Lokhu kuqubula imibuzo yokuthi kungani abafundi babuyiselwa esikoleni kodwa kube kungamaholidi.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Partly cloudy. Cool. Pta: 20-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 18-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-26°C Scattered showers. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C Heavy rain late. Partly sunny. Mild. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...