Zimkhalele obulale umyeni ngelokuqonywa

2014-06-18 14:03

Tokyo - Uboshiwe owesifazane waseJapan, 79, oshaye umyeni wakhe waze washona ngesikhathi kusuka umsindo wokuthi wake waqonywa eminyakeni engu-40 eyedlule, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

UYoshiko Suzuki usebenzise into esanduku ngesikhathi ehlasela umyeni wakhe uMasaharu, 79, ekhaya labo ngeSonto ebusuku edolobheni iNakai, okuyindawo engamakhilomitha angu-60 ukusuka eTokyo, kusho okhulumela amaphoyisa esifunda.

"Umyeni wami walahlekelwa umsebenzi eminyakeni engu-40 eyedlule ngenxa yokuthi wayejola nowesifazane othile. Sasihlale sixabana ngalolu daba," kusho umsolwa etshela abaseshi, ngokusho kombiko wabezindaba.

Kwadingeka ukuba kungenelele amaphoyisa ngesikhathi kusuka enye ingxabano ngoSepthemba ngonyaka odlule, kusho i-TV Asahi.

Izithandani bezihlala ndawonye kanye nendodakazi yazo eneminyaka engu-43 ubudala, nebisaphumile ngesikhathi kwenzeka lokhu, kusho umbiko.





 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...