Zibhubhisile izikhukhula ePhilippine
2012-12-04 16:28
Manila - Isishingishane iTyphoon Bopha ehlasele ePhilippine, isidlule nemiphefumulo yabantu abangu-43, kusho umbiko wezindaba zesiteshi sikamabonakude i-ABS-CBN, sibika sisendaweni yesehlakalo.
"Sengibale izidumbu ezingu-43," kusho intatheli uVina
Araneta, ebika esendaweni yesehlakalo edolobheni iNew
Bataan, eningizimu neMindanao.
Okwamanje izikhulu azikakwazi ukuqinisekisa isibalo sabantu abashoni.
IMeya yedolobha uLorenzo Balbin, utshele abezindaba wathi abantu abaningi abashonile ngabasedolobheni elingumakhelwane, abakhukhulwe yinkanyamba.
Isikhulu samaphoyisa uLieutenant-Colonel Lyndon Paniza, uthe kuminze nesosha elilodwa eNew Bataan, ngesikhathi kukhukhuleka inkambi.
Lesi sishingishane sihlonzwe njengesikhulu kakhulu kwesezake zabonakala ePhilippine kulo nyaka, izinkulungwane zabantu seziphoqeke ukuthi zibaleke ziyokhosela ezindaweni eziphephile.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).