Uzotalajwa owenze ucansi engashadile
2012-09-04 16:32
Male - Inkantolo yaseMaldive isikhiphe umyalelo wokuthi italajwe ngumphakathi intombazane eneminyaka engu-16 ubudala evume icala lokuya ocansini ingashadile.
Intombazane lena ilahlwe yicala ngaphansi komthetho iSharia, ogcinwa ngabenkolo yamaSulumane, umndeni wayo uyimpimpe ukuthi iye ocansini nowesilisa oneminyaka engu-29 ubudala.
Lokhu kwenzeka ngenyanga kaJulayi, umlisa ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele.
Umthetho lona ugxekwa kakhulu ngabe-United Nation kanti kuthiwa intombazane ingase inqabe ukutalajwa bese ikhetha ukugqunywa endlini izinyanga eziyisishiyagalombili.
Inkantolo inqume ukuthi lona anikelwe emphakathini ayoshaywa, uma esehlanganise iminyaka engu-18 ubudala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AFP