Uzotalajwa owaya ocansini engashadile

2013-02-27 12:01

Male - Inkantolo yaseMaldives igwebe oneminyaka engu-15 ubudala owadlwengulwa, imivimbo engu-100 kanye nezinyanga eziyisishiyagalombili egcinwe endlini kulandela ukutholakala ukuthi wazibandakanya ocansini engashadile, kusho isikhulu ngoLwesitthathu.

Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ngezinsolo zokuthi kudlwengulwe intombazane ngubaba ongayizali, abaseshi bathola ubufakazi bokuthi yayilala nenye indoda.

"Nakuba esegwetshiwe kodwa uzoshaywa uma eseneminyaka engu-18 ubudala," kusho isikhulu senkantolo, esingafunanga ukudalulwa igama, besitshela abe-AFP.

"Kodwa isigwebo sizoqala maduze uma efuna."

Ucansi olwenziwa yizingane aluvunyelwe emazweni ase-Indian Ocean aphila ngaphansi komthetho oqinile wamaSulumane.

Ubaba wentombazane ongayizali angase agwetshwe iminyaa engu-25 ebhadla ejele uma etholwa enecala lokudlwengula nelokubulala, kulandela izinsolo zokubulala ingane eyatholwa indodakazi yakhe ayeyidlwengula.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...