Uzokhele ngomlilo ephikisa umthetho

2014-11-12 06:59

Tokyo - Indoda yaseTokyo izingqongqise ngomlilo ikhombisa intukuthelo yayo ngemithetho emisha ebekelwe amasosha aseJapan.

Isidumbu sendoda sitholakale epaki yomphakathi iHibiya, kusho abezindaba zeJiji Press.

Amaphoyisa athi akholwa wukuthi indoda izishise ngoba iphikisana nemithetho emisha, yenze lokhu izithwebula i-video.

Funda nalolu daba: Obeshona uvalelise ehashini lakhe

Ngenyanga kaJulayi, uNdunankulu wezwe uShinzo Abe, washaya mthetho omusha obekelwe amasosha, ethi iJapan kumele njalo ingenelele uma kuhlaselwa amazwe adlelana nayo, ikakhulu uma kuhlasela iMelika.

Undunankulu wathi komele amasosha angenelele yize noma impi ingahlangene nawo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...