Uzobulawa owabulala umakhelwane

2013-01-29 14:04

Huntsville - Owesifazane waseTexas olahlwe yicala lokubamba inkunzi nokubulala ngesihluku umakhelwane wakhe oneminyaka engu-71 ubudala, uzokuba ngumuntu wokuqala wesifazane ukuthi alengiswe, kusukela ngo-2010.

Inkantolo yaseDallas, yalahla uKimberly McCarthy ngecala lokubulala usolwazi oneminyaka engu-71 ubudala, alenza ngo-1997, ubufakazi baphinde bathi wabulala abanye abantu ababili.

Ukubulawa kukaMcCarty kuhlelelwe uLwesibili ebusuku, lona ulandela uTeresa Lewis, owaba ngowesifazane weshumi nambili ukuthi abulawe, kusukela kwaphasiswa isigwebo sentambo ngo-1976.

Kusukela kwaphasiswa lesi sigwebo, asengu-1 309 amadoda asebulewe.

Izibalo zabezomthetho zithi phakathi kuka-1980 no-2008, baku-10% kuphela abesifazane asebegwetshwe intambo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...