Uzobulawa ebusuku u"Death Row Romeo".
2012-12-11 12:28
Starke - Owabe eyiphoyisa kulindeleke ukuthi ajovwe ngomjovo ozombulala, kulandela ukulahlwa yicala lokubulala abantu abayisishiyagalolunye, ababulala eminyakeni engu-26 eyedlule.
Kulindeleke ukuthi uManuel Pardo, 56, ajovwe ngomjovo wokufa ngo-23:00 ngoLwesibili, kusho iJaji uTimothy Corrigan.
Izikhulu zithi bantu abaningi ababulawa nguPardo babe bedla izidakamizwa.
Ethula ubufakazi, uPardo utshele inkantolo ukuthi wayezama ukusiza ngokubulala izisulu zakhe ngo-1986.
Isiboshwa lesi besinezivakashi eziningi ejele, zonke zingabantu besifazane, ubeteketiswa kuthiwa ngu "Death Row Romeo".
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).