Uzibulele othi wadlwengulwa kepha wangavunyelwanga ukuvula icala

2015-10-15 10:03

Punjab province – Owesifazane wasePakistan osemncane, uzokhele ngomlilo ngemuva kokuthi ethe unqatshwelwe ukuvula icala kulandelwa ukudlwengulwa ozakwabo bemhlanganyele, kusho izishoshovu ngoLwesithathu.

Amaphoyisa amabili aseboshiwe kulandela ukuthi uSonia Bibi, obalelwa eminyakeni eko-18 ubudala, ezithungele ngomlilo ngoLwesibili ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eMuzaffargarh.

Ube esephuthunyiswa esibhedlela, ngebhadi washona ngenxa yokusha kabi.

OLUNYE UDABA: Udlwengulwe wabulawa wafakwa esitamkokweni

“Singaqinisekisa ukuthi uSonia uzibulele ngokuthi azishise. Ubesola amaphoyisa amabili ngokumdlwengula ethi akekho umuntu obemnakile ngesikhathi ezama ukuvula icala,” kusho okhulumela amaphoyisa uNabila Ghazanfar etshela i-AFP.

“Sesijube ithimba elizophenya ngalolu daba,” esho.

U-Awais Malik, oyisikhulu samaphoyisa eMuzaffargarh, ukuqinisekisile ukuthi la maphoyisa amabili aboshiwe kwathi umkhuzi wesiteshi wamiswa kulandela ukungathathi zinyathelo ngalolu daba.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 20-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...