Uzame ukuzibulala owekilabhu yezimanga
2013-01-31 07:19
Santa Maria - Umnikazi wendawo yokuzijuxuza lapho kushone khona abantu abangu-235 ngesikhathi kuqubuka umlilo eBrazil, uzame ukuzibulala, kusho amaphoyisa.
U-Elissandro Sphor uzame ukuzibulala ngepayipi leshawa, kusho isikhulu samaphoyisa uLilian Carus, edolobheni iCruz Alta, nokuyilapho uSphor egcinwe esibhedlela sakhona.
“Akucaci noma ubezama ukuzikhunga yini,” kusho uCarus etshela i-AFP, enezezela ngokuthi amaphoyisa afike endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi konke lokhu kwenzeke.
USphor uboshwe nabanye abathathu njengoba amaphoyisa ezama ukuthola imbangela yomlilo owenzeke eKiss Nightclub ngempelasonto.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP