Uyelulama uHillary Clinton

2013-01-01 09:02

New York - UNobhala woMbuso eMelika uHillary Clinton unehlule legazi eliseduze kakhulu nomthambo osebenzelana nomqondo, nokho uyelulama, kusho odokotela ngoMsombuluko.

UClonton uchithe ubusuku obandulela unyaka omusha esesibhedlela.

Odokotela ngaphansi kweMount Kisco Medical Group, naseGigi El-Bayoumi, esebenzisana neGeorge Washington University, bathi yize lesi sikhulu sinehlule, sizokwelapheka ngokuphelele.

Ihlule kuthiwa liphakathi kwengqondo nogebhezi lwekhanda ngemuva kwendlebe, ecaleni langakwesokudla.

UClinton wangeniswa esibhedlela iNew York Presbyterian, ngeSonto.

"Unobhala uyamukela kahle imithi elashwa ngayo, sinesiqiniseko sokuthi uzolulama ngokuphelele. Umoya wakhe ukhululekile, uyasebenzisana nodokotela, nomndeni kanjalo nabanye asebenza nabo," kusho umbiko wodokotela.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...