Uyasikwa owasebukhosini esibhedlela - Umbiko

2015-05-02 14:13

London - UKate, oyinkosikazi yeNkosana yamaNgisi uWilliam, kubikwa ukuthi ungeniswa esibhedlela eseqalile ukusikwa ngoMgqibelo, kusho iKensington Palace.

IDuchess of Cambridge iphuthunyiswe eSt Mary's Hospital, iphelezelwa ngumyeni wayo ngabo-06:00 ekuseni.

OLUNYE UDABA: Abasebukhosini bakhiphe umbiko ngengane

Le ngane ezobelethwa izoba ngeyesine kwabasemathubeni okuthatha ubukhosi, ngemuva kukaGeorge, okuyizibulo lalezi zithandani.

UWilliam wazalelwa kusona lesi sibhedlela ngo-1982, ngumama wakhe uPrincess Diana, ongasekho emhlabeni.

Akwaziwa ukuthi le ngane ezobelethwa ingeyabuphi ubulili.

- Reuters

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...