Uyaqhubeka umkhonyovu wenyama yehhashi
2013-02-19 10:02
Vevey – Inkampani yokudla eyisikhondlakhondla eSwitzerland, iNestle, nayo isishaywe ngumkhonyovu wenyama yehhashi wase-Europe.
Le nkampani imemezele ukuthi izokhipha izidlo ze-pasta ezitolo ezise-Italy naseSpain ngoba ziyathinteka.
"Ukuhlola kwethu kuthole ukuthi lokhu kudla kunenyama yehhashi,” kusho isitatimende sale nkampani ngoMsombuluko.
"Ukufaka amalebuli okungewona enyameni kuchaza ukuthi umsebenzi wokusihlinzeka ngenyama uyabahlula,” kuqhuba inkampani.
Lokhu kwenza kwephula imithetho yeBritish Food Safety Agency, kusho iNestle.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP