Uvume elokubulala nokucwiya ingane

2012-08-10 10:04

New York - Ubebukeka edidekile futhi ekhuluma sakiuhleba umabhalane wasesitolo esidayisa amathuluzi eBrooklyn, ngesikhathi evuma icala lokuthumba nokucwiya umfana oneminyaka eyisishiyagalombili ubudala uLeiby Kletzky.

Ubufakazi buthi umfana waduka ngesikhathi egoduka, kanti uzohlangana noLevi Aron, owabe esemthumba.

U-Aron, 36, owaqala waliphika icala, ugcine elivumile kanti angase ahlale okungenani iminyaka engu-40 ejele.

“Akekho umuntu ongaqondisisa ubuhlungu bokushonelwa yingane, akekho futhi ongabumela," kusho ubaba womfana uNachman Kletzky.

UKletzky utshele abezindaba wathi ukuvuma icala lomsolwa kuqeda ukuqagela ngendodana yakhe.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: °C
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...