Uvalelise emakholweni uPope
2013-02-28 10:00
Vatican City - UPope Benedict XVI uzochitha ubusuku bakhe bokugcina esendlini yakhe iVatican ngoLwesine ngemuva kokuvalelisa ebantwini abangu-150 000 eSt Peter's Square ngosuku olwandulelwa usuku oluyingqophamlando lokwesula kwakhe.
UPope, nodabuka eGermany, ubingelelwe ngenhlokomo enkulu.
Abanye bephethe izingqwembe ezinemiyalezo ehlukene, eminye ebithi, "sizokukhumbula Benedict!", nethi uPope uyinhliziyo yedolobha!"
Enkulumweni yakhe, ukhulume ngezivunguvungu, eqondise ezigamekweni eziningi ezenzeke ngesikhathi esakulesi sikhundla, wathi ukhethe ukwesula esikhundleni ukuze ibandla laseRoma eliKhatholika liqhubeke kahle.
"INkosi isiphe izinsuku zelanga kanye nomoya omnandi, izinsuku ezinhle," kusho le nhloko yamaKhatholika angu-1.2 billion emhlabeni.
"Kuphinde kwaba khona nezikhathi zezivunguvungu... Obekungathi uNkulunkulu akaboni."
"Kodwa bengihlale ngazi ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi bengihlale ngazi ukuthi ibandla akusilo elami, akusilo elethu, kodwa kungelakhe ngakho ngeke alivumele liwe," ephetha.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA