Uthuke woma eposelwa inyoka engayithenganga

2014-10-16 10:00

Illinois - Owesifazane waseGranite City, e-Illinois, eMelika, uthuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi evula iphasela lawaFedEx wathola inhlwathi ephilayo ngaphakathi.

Ngokombiko we-KMOV, kuthiwa uDelores Gavin uzwakale esho ngegilo ngesikhathi evula ibhokisi elithunyelwe ngabezilwane baseCarlifonia, kubika iHuffington Post.

UGavin uthi uthuka nje yingoba akaze athenge nyoka yena.

OLUNYE UDABA: Isimanga indoda iluma, ibulala inyoka

Amaphoyisa asola umkhonyovu wokuqolwa kwamakhadi ngalesi sigameko njengoba ethi kungenzeka ukuthi khona othenge le nyokangegama likaGavin.

Isitolo esidayisa lezi zilwane sivumile ukubuyisela uGavin imali yakhe sase sithatha okungokwaso.

Le nyoka, okuyinhlwathi enamabala, kuthiwa ayinabo ubungozi kanti ilungele kakhulu abantu “abaqalayo” ukufuya lolu hlobo lwezilwane.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Huffington Post SA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...