Uthole udilikajele obulale umyeni wakhe

2012-03-30 07:53

Hanoi - Inkantolo eMekong Delta igwebe unkosikazi wentatheli udilikajele ngokubulala umyeni wakhe ngokumokhela ngomlilo, kusho imibiko yabezindaba ngoLwesihlanu.

UTran Thuy Lieu, 41, ugwetshwe ngoLwesine esifundazweni iLong An ngokubulala uLe Hoanh Hung, 50, ngoJanuwari 2011, kubika iphephandaba elingaphansi koMbuso iThanh Nien.

UHung, nobeyintatheli yephephandaba elingaphansi koMbuso iNguoi Lao Dong, wokhelwa ngomlilo elele. ULieu wamphuthumisa esibhedlela, kodwa washona emuva kwezinsuku eziyishumi.

Unkosikazi wavuma ukushisa umyeni wakhe wathi kodwa wayezama ukumxwayisa, hhayi ukumbulala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa-DPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...