Uthi wavukwa nguSathane owashisa izaguga

2013-08-01 12:02

Sydney - Umlisa otholwe enecala lokushisa umlilo owabhebhetheka washisa ikhaya labadala eSydney, kwashona izaguga ezingu-11, ngoLwesine ugwetshwe udilikajele kanti ngeke avunyelwe ushwele.

URoger Dean, ongunesi kulesi sikhungu, wawavuma amacala okubulala angu-11, etshela amaphoyisa ngemuva kwesehlakalo sango-2011 ukuthi wayengenwe umoya omubi.

“Ngeke ukholwe, kodwa kwakungathi uSathane uyangihlebela uthi lena yinto okumele ngiyenze kanti ngazama ukungayenzi," usho kanje.

Waphinde wawavuma namanye amacala angu-8 okulimaza abantu ababephakathi, abanye kubona abaphenduka izimpumputhe.

Ijaji uMegan Latham lithe amacala alo mlisa, 37, mabi kakhulu, njengoba laphayana kwakunabantu ababengeke bakwazi ukuzihlenga, abase bebadala benakekelwa.

“Ubuhlungu obaziwa yizisulu ngiyacabanga ukuthi ngeke balinganiswa nalutho," esho.

“Labo nje ababengakwazi ngisho ukubaleka kodwa ababebona ukuthi ingozi iyeza, lesi yisimo esimbi kakhulu."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...