Ubulale unkosikazi waqeda wazincoma

2014-08-08 14:06

Staten Island - Umlisa ongubaba wezingane ezimbili udubule waphinde wagwaza unkosikazi wakhe ngaphambi kokuba abhale kuFacebook ukuthi usenqobile.

“Sibe nengxabano, ungijolele, ekugcuneni ngawina,” esho kanje kuFacebook.

UKeith Belajonas, 32, uhlasele unkosikazi wakhe oneminyaka engu-28 ubudala, uChristina, besendlini, ngemuva kwalokho wabalekela kubo, ehamba nezingane zabo ezimbili, kusho amaphoyisa, kubike iMirror

Umakhelwane uzwe enye yezingane ibuza ukuthi “ngabe umama useshonile?” ngesikhathi bengena emotweni behamba.

UBelajonas uhambe ngemoto esuka ePhiladelphia waya eStaten Island, eMelika.

UChristina ushaywe wabhanqwa no-wardrobe, wadutshulwa waphinde wagwazwa amahlandla amaningi.

Amaphoyisa amthole eStaten Island, eNew York, lapho ashiye khona izingane zakhe zihleli nezihlobo.

Amaphoyisa athe uzidubule washona ngaphambi kokuba afakwe ozankosi. 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...