Usolwa ngokugula ngekhanda ogwaze wabulala izingane

2015-09-28 16:10

Bangkok - Owesilisa wasenyakatho yaseThailand ugasele emzini kamakhelwane wakhe wafika wagwaza wabulala izingane ezinhlanu waphinde wagwaza walimaza owesifazane okhulelwe obebukela, ngokusho kwamaphoyisa ngoMsombuluko.

Amaphoyisa athe lo mlisa oneminyaka engu-24 ubudala unomlando ngokugula ngekhanda njengoba ebedla amaphoyisa engcindezi nokhwantalala.

Kubikwa ukuthi ucasulwe umsindo obuqhamuka kamakhalwane wakhe edolobheni yaseChiang Mai.

Lo mlisa okuvele ukuthi igama lakhe ngu-Azapa Sriwua ubephethe ummese wasekhishini ngesikhathi egasela ehlasela izingane, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Sombat Kalasuk esiteshini samaphoyisa saseChiang Mai.

OLUNYE UDABA: Umisiwe esikoleni oshaye isiqhwaga ngesibhakela

Amaphoyisa afice izidumbu ezine zezingane okukholwakala ukuthi zineminyaka engaphansi kwengu-8 ubudala.

Lezi zidumbu bezisedamini legazi kanti esinye sitholakale ngasemnyango okusolakala ukuthi besizama ukubaleka, kusho uSombat.

Owesifazane okhulelwe obesenezinyanga ezingu-7 ekhulelwe uphuthunyiswe esibhedlela wathola ukwelashelwa ukugwazwa  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...