Ushumpulwe ikhanda owabulala eSaudi Arabia
2012-03-07 14:43
RIYADH - Izikhulu eSaudi Arabia zigwebe kanzima umlisa otholakale enecala lokubulala umuntu, ngoLwesithathu.
UBasam al-Yami wadutshulwa wabulawa ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwakhe nomunye.
Isehlakalo sokubulala senzeka ngase dolobheni iDamam, kuchaza isikhulu kuhulumeni u-Abdullah al-Dosari.
Ukugwetshwa kwalona intambo kwenza sifinyelele ku-11 iisibalo sabantu asebebulewe ngale ndlela ezweni laseSaudi Arabia kusukela kuqale unyaka.
Ngonyaka ka-2011 safinyelela ku-79 isibalo sabantu abagwetshwa intambo kuleli lizwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- Sapa - AFP