Ushonile owabhunyelwa nge-acid

2013-01-08 11:04

Phnom Penha - Owesifazane waseCambodian ushonile ngemuva kokuthi ebhunyelwe nge-acid, ngesikhathi ehlaselwa emasontweni amabili edlule, kusho umbiko wezindaba ngoLwesibili.

UYi Aun, 40, ushonile ngenxa yamanxeba ajulile awathola ngesikhathi ehlaselwa esemzini wakhe osenhla nesifundazwe iSiem Reap, wahlaselwa mhlaka-26 Disemba.

"Washa u-50% emzimbeni. Kuvamile ukuthi kubenele abashe njengaye," kusho imanenja uZiad Samman, osebenza kwaCambodian Acid Survivors Charity.

Amadoda amabili abhekene necala lokushisa lona wesifazane, imbangela yokuhlasela ayikazeki.

Okhulumela amaphoyisa aseSiem Reap uChief Mok Som On, uthi umufi wavula isicabha sasendlini ngesikhathi kukhona ongqongqozayo, wabe esebhunyelwa nge-acid ebusweni, kwachaphazeleka nendodana yakhe eneminyaka engu-19 ubudala.

Indodana iyalulama.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...