Ushonile obhekene noxhaxha lwamacala okubulala

2012-12-12 14:01

Tokyo - Owesifazane waseJapan obhekene noxhaxha lwamacala okuhlohla imindeni ukuthi ibulale ngendlala amalungu emindeni, utholakale eshonile esitokisini, kusho umbiko wamaphoyisa.

UMiyoko Sumida, 64, ubengumsolwa ophambili ecaleni elithuse abantu eJapan, ngesikhathi kutholakala inqwaba yezidumbu zivalelwe endlini ayehlala kuyo.

Isidumbu sikaSumida sitholakale esitokisini abehlala kuso nezinye iziboshwa ezimbili, utholakale eklinywe ngehembe, kusho okhulumela amaphoyisa.

Imibiko yamaphephandaba ithi kungenzeka ukuthi uzibulele, njengoba ubevamile ukukhuluma athi ufuna ukufa.

"Ukuhlolwa kwesidumbu yikona okuzophendula imibuzo ekhona," kusho isikhulu samphoyisa esingadalulwanga.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-28°C a few showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-24°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...