Ushonile obengenele owokuwina inyoka

2012-10-09 16:23

Florida - Umlisa waseMelika ushonile ngemuva kokudla inqwaba yamaphela neminyundu, akudle emncintwisaneni akade ewungele efuna ukuwina inyoka.

Amaphoyisa athi u-Edward Archbold, 32, udle inqwaba yalesi zilokazana, ngemuva kwalokho wase eqala ephalaza kwaze kwabizwa i-ambulensi.

U-Archbold ushonele esibhedlela, imbangela yokushona kwakhe izokwaziwa uma sekuhlolwe isidumbu, umncintiswano ubabanjwe ngabakwaBen Siegel Reptiles, bekuwinywa izinhlobo ngezinhlobo zezinyoka.

U-Archbold, ozibiza ngo-Edward William Barry kuFacebook, ubhale ekhasini lakhe ngomncintiswano akade ezowungenela.

Ngemuva kokushona kwakhe, abangani badlulise amazwi enduduzo bezwakala bedabukile.




 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-26°C High level clouds. Mild. PE: 9-18°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...