Ushayasibhamu uvulele abantu ngenhlamvu

2013-02-20 14:01

Tustin - Ngesikhathi sesiphithiphithi sasekuseni emgwaqeni yase-Orange County, ngezithuba zawo-05:00, uMelvin Lee Edwards, uvezelwe ibhodi ebelimtshela ukuthi akabuyisele imoto eceleni, aphume emgwaqeni kwathi angaphuma wadutshulwa wabulawa.

U-Edwards, 69, ubeya emsebenzini ngesikhathi ehlelwa yile nhlekelele, amaphoyisa athi umsolwa ushaye wachitha ngemoto yohlobo lwe-BMW.

U-Edward udutshulwe amahlandla amathathu, lokhu kudubula bekungokwesibili, ngoLwesibili, umdubuli wabulala amalungu amathathu omndeni owodwa, wabulala abashayeli ababili ayebaduna imoto waphinda wadubula walimaza abanye abantu ababili.

U-Ali Syed, 20, uzidubule wazibulala ngesikhathi ebona ukuthi usephelelwe ngulayini kutheleka amaphoyisa.

Zonke lezi zehlakalo ayaziwa imbangela yazo kanti ziqale endaweni enokuthula eLadera Ranch, ngesikhathi amaphoyisa ebizwa ngezithuba zasekuseni, kuthiwa kunoshayasibhamu ohlasele.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C Morning clouds. Warm. PE: 13-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...